ISOKA LAMI😊 P102
x
bahamba bebuocobele omama abekade bezobika isisu ebukhosini emvakokuth umandlovu abatshele ukuthi abakweletwa lutho bona ibona Abantu abakweleta bona amalobolo lawa angabuyanga kwakuthi unandi akazibulale usanele uhleli no Sandile bayaxoxa
"Yazi Bhuti uzinhle ngizizwa liqina lubuya ngamandla uthando lwami ngaye Manje bengicabanga njengoba Kade ngingekho nje ngike ngadlula e garaji la kuthengeswa khona izimoto Manje ngifuna ungibonise njengobhuti omdala bengicabanga ukuthi ngephathi yAkhe no Ntombenhle ngimthengele imoto I i20 yazi lingamfanela uzinhle njengoba esekwazi nokushayela nje Kusho usanele ebuka usandile
"Hau bafo yazi kuzobe ngathi setshenene ngoba nami bengicabanga ukuthi ngimthengele Yona imoto untombenhle kodwa Kube I uadi A3 ayyyy bafo angiboni inkinga mina lapho singabathengela izimoto zabo Kusho usandile
"Ayyyy asenze njaloke bafo 👊 Kusho usanele behlela uzondi no mangcobo bayoqoqa ka mangcobo baqeda babiyela endlini njengoba no Zinhle no Ntombenhle sebebuyile nje Emhlolweni bahlela indlela abafuna ngayo iphathi yabo babejabulile impela njengoba phambi kwakusasa zisha nje kwi phathi basebeqalile bethenga njengoba no sandile no Sanele sebezithengile nezimoto Basho egaraji abazithenge kulona ukuthi bazofika phambi kwakusasa kwalale kwasa ngakusasa baqhubeka balungisela usuku lwabo olukhulu ontombenhle bekhuculula nendlu ebalekelela umangcobo njengoba lufika nje usuku lwephathi kwagcwala impela abangani baseskoleni Sabo bebahle begqoke Kahle njengoba no sandile no Sanele befika nabazali babo Phela bamenyiwe nabo kwakuhle kwakhishwa ama present baxakeka nje untombenhle no Zinhle ukuthi osandile bona ababathengelanga lutho wasukuma usandile
"Ntombenhle nawe Zinhle ngithi nje happy birthday kunina noy2 ngithi nikhule niphile iskhathi eside kuze kufezeke amaphupho enu Kusho usandile lapho untombenhle sekuthi akakhale Phela abantu bawakhiphile ama present kodwa yena lutho"ngizocela umah no mangcobo no Zinhle Kanye no Ntombenhle
ISOKA LAMI 😊 P103
"Ngizocela umah no mangcobo no Zinhle Kanye nontombenhle Hau no bafo sithi ukuphuma sobuya Manje nje ubaba no babu Zondi bengasala sobabona masibuya ngizocela futhi untombenhle no Zinhle bavale amehlo azovulwa sesifike la esiya khona kusaquuba usandile
"Ekaze niphezu kwani webafana thina njengoba sisala nje Kusho undlovu ehleka
"Hau baba nizobona masibuya njengoba bevalwa amehlo ozinhle bengena emotweni bahambe Baze kafika kuleli garaji abathenge kulo izimoto njengoba befika sezihlontsheswa Kahle nje bapake badilike usanele abambe uzinhle no sandile abambe untombenhle basondele nabo phambi kwezimoto umuntu eqondene neyakhe njengoba umangcobo no madlovu belokhu bebabaze njalo nje besamile kanjalo babala 123 babavula amehle njengoba besho bonk bethi "suprise bajabula ozinhle no Ntombenhle Baze bakhala izinyembezi zenjabulo banikwa okhiye babo kwakungathi bayaphupha
"Wow syabonga mmh yazi angaz ngithini ngyabonga kakhulu Kusho untombenhle ekhala eyohaga usandile njengoba no Zinhle ehaga usanele abasenandaba nabantu abadala njengoba bengena ezimotweni zabo bebuyela emuva bafika ka ntombenhle kwajabulwa babongelwa bathatha nezithombe kwakuhle Kanti usandile akaqedile une suprise ababengazi bonke ngayo la njengoba eguqa phambi Kwa ntombenhle nje
"Ntombenhle Zondi ngicela ungenze undoda emadodeni ungenze ngijabule impilo Yami Yonke ngicela ungishade nkosazane ngicela ungivumele ngikujabulise ngikuthande izinsuku Zonke Kusho usandile eguqe phansi ngedolo njengoba abantu abakhona na beshutha kukhona isho umama obahlolayo nezintombi abahlolwa nazo njengoba ekhala nje untombenhle ebambe imlomo ebuka ubaba wakhe uzondi waphinde wabuka uzinhle waqeda wabuka usandile
"Yebo sandile ngyavuma ukukushanda Kusho untombenhle njengoba Kusho umkikizo nje la endlini ababodwa abanza ama video ababodwa abashuthayo kwakuhle njengoba untombenhle ebamba usandile emphakamisa bahagana iskhathi eside wajabula usanele wayesegiya impela ungafunga ukuthi uyena ocele okushadwa
