💔😭 UMFUNDISI WEZIMANGA 💔😭 ISIQEPHU 18

FInTech
0

 ðŸ’”😭 UMFUNDISI WEZIMANGA 💔😭
ISIQEPHU 18



Zaphumake ingane zesikole zibheke emakhaya lapho ucikekile uAkhona ngalento Ka Zimpi akayenze eclassini lakhe"
Thobeka'"Hhay Bo wahamba wandiza kwenzenjani ngempela?
Akhona'"Ngicela usheshe Uma ufuna ukuhamba nami please
Thobeka:"Bakwenzeni manje?
Wamdonsa NGESANDLA wamahwaqa umlomo wawehlisa wawenyusa Akhona wamangala nje uThobeka ukuba Wenzani?
Akhona'"Angiyeke asambeni
Thobe'*Khuluma nami mase ngiyaluyeka mina please


Akhona'"Ubonile eclassini kwenzekeni phambi kwabantu Ngiyazi uyangisiza kodwa hhay ngalendlela
Thobeka'"Wena ubungasuki ngani kuyena ngoba awumfuni phela Sibona ngoba be Inlove nje
Wahleka
Akhona'*Inlove my foot angimthandi mina eyanto eyenzekile mayingaphinde yenzeke
Thobeka "Wena wathi usaba ngoba nakhu ubukwe I class kodwa you loves him ryt?
Akhona:"Cha Cha angimthandi Thobeka
 kwafika Zimpi wama emvakwakhe 
Wambamba ifiga ngemumva wathuka Akhona WAQALAZA sebehambile vele sekusele bona bodwa ngakubo"


Zimpi'"Say it again washo ebeke ikhanda lakhe laqondana nelika Akhona wabamba ngezandla zombili eqolo
Waphefumulela phezulu samuntu onephika
Thobeka:"Shono phela ?
Wahleka wazihambela wabashiya kanjalo
Zimpi'"Awungithandi Akhona uzongimisela ngenhliziyo wena Uma usho njalo"
Wehla inyembezi Ku Zimpi zaqathakela Ku Akhona 
Waphenduka Akhona wamsula
Akhona'"Don't do that please 
Zimpi'"Wakhala nawe Yini Indaba pho?ngoba Awungithandi?
Akhona:"Angifuni ukubona uphatheka kabi ngikhona please 


Wamhaga bagana bahleka
I love you besho Kanye Kanye 
Babuka emehlweni lapho useyam feeler Akhona wamdedela masinyane 
Kanti uZimpi ngeke esidedele isandla sakhe 
Zimpi:'"Ngeke ngikuzwise ubuhlungu mina ngeke ngiyeke ukukuthanda Akhona ngiyabonga namhlanje usukhiphe leligama elithi uyangithanda awuthandike umuntu oyodlala ngawe kodwa ngelinye ilanga uyokubona lokho.....
Akhona'"Ngiyabonga nami ukuzwa lokho kuphuma kuwe ngicela silindaneke nalokho okwenzekile eclass akugcine please"
Zimpi',Kuyezwakala sthandwa Sami manje awusho ifoni Uma Ngokupha bazothini kini ngayo?


Akhona'"Angazi kodwa Uma soba namafoni kunconoke siqede iskole kungazwakala"
Zimpi'"Vele kusele kancane manje sesiyaqeda ukubhala 
Akhona'"Kunjalo khona babamba ngesandla bebheke emakhaya bejabulile"
MAZAKWE
KWENZENJANI NGAWE NGEMPELA WE MTHETHWA UBULALA INGANE YAMI?
Mthethwa'"bengishaya lenja mina ewu Senzo awuzwani ngeje ngenze into enjalo Ku Nonzunzo eyigazi Lami"


MAZAKWE''"Ulibambe lingashoni mina nawe Siya kude ngikutshele ngeke ngidlale umxhiliba owuwena"
Mthethwa"'ubani umxhiliba yimina?mfazi
Wasondela kuyena wamsakaza ngempela wabamba isihlathi uMazakwe sakudabuka"
Mazakwe'"Ungishayelani vele awusho noma ubukisa ngami 
Mthethwa'"Ungalinge ungibize ngomxhiliba mina siyezwana 
Mazakwe''"Yebo Baba 
Phela uyazisabela induku bakithi ingane yabantu


Mthethwa'"Sukuma sobheke ingane esibhedlela ukuthi injani 
Wasukuma Mazakwe' bangene emontweni bebheke esibhedlela 
Mazakwe''"Uma kukhona okwenzekayo Ku Nonzunzo ngiyahamba mina kwakho
Mthethwa'"Uma uke wahamba uzozisola ngikutshela wemfazi 
MAZAKWE''"Ukhona nje uMagasa wakho Kimi Uzobe ufunani awuhlukane nami phansi manje sengenele uwena 
Mthethwa'"Ngithe umsindo wena Musa ukuphendulana nami wena ungenza isilima sakho


Mazakwe'"Ngiyaxolisa
Bangene ngaphakathi babuza babalayela bakhala belunguza ngewindi lomnyango
Mazakwe''"Ingane yami Jehova ngaze ngahlupheka Jehova wakhala wazama ukumthulisa uMthethwa kwaba zinhlanga zimuka nomoya ngoba wayelokhu ekhalile"
DLAMUKA
Mmmh cha namhlanje ngizamile ngoba ngifakile ezindaweni eziningi mhlampe ngizobizwa kwazi Bani
Wafika kwakhe wamangala nje ukuthi namanje akabuyi Magasa kwenzenjani?
Kwangene no Thobeka no Akhona bamangala nje nabo ukuba ubaba wabo ubani?
Akhona:"Baba kwenzekeni ngawe
DLAMUKA ''Zingane zami umama wena akekho uye laphana Ka Senzo asambeni siyeni khona
Thobeka:"Cha baba asilindeni kancane ungathatheli izinto phezulu mhlampe kuthiwe akaqale phansi nje asebenze kwazi Bani
Akhona"'Asilindeni I hour akajwayele ukubuya ngalo Uma esebenza Baba
DLAMUKA:"Inhliziyo yami ayisho njalo yazi nami ngithukile ungibona nje angazi ukuba ngithini Kubani kodwa asilindeni nibhale kanjani namhlanje?
Akhona:"Kahle kakhulu Baba
DLAMUKA:"Kuhleke Uma kunjalo nizimisele ngoba ekugcineni sophakamiswa inina Noma sekungavumi kini
Thobeka:"Kunjalo impela Baba
KWANDA


THANA NGIVULE ISANGO NAMI UKUZE UNGENE BABA
Senzo:"Hlala phakathi ngane yami ngizovula mina ungakhathazeki nakancane please
KWANDA:"Kulungile Baba Uma usho njalo nami sengiqala ukukhathazeka manje ngifuna ukubona u Nolwazi"
Nebala walivula isango livukeka uNolwazi wagijima ebheke khona
Nolwazi:"Baba Baba baba wawaphansi wambamba ubaba wakhe waya naye endlini wathelwa ngamanzi waphaphama wakhala kakhulu
Ngapha kungena uAkhona Dlamuka kanjalo no Thobeka phela kuthe kuphela ihour baqonda khona Ka Senzo bekhathazekile"
DLAMUKA:"Magasa Magasa 
Senzo:*Kwenzenjani Baba uMagasa layikhaya azange afike nje....
Nolwazi'"Baba umama uklinya Aunt gijimani?
Wasukuma ngekhulu ijubane ebheke ekameleni Lika Thando'
Senzo:"Wenzani wena umenzeni uMagasa?
Wathinta isifuba awusekho umoya ophumayo 
Wathuka kakhulu kwangena no Dlamuka waqonda kumfazi wakhe Sthandwa Sami vuka vuka sthandwa zangene nezingane ngaphakathi
zakhala


Senzo:"WAFONELA udokotela ukuba akafike kwakhe ngikukhulu ukushesha..
Ngiyaxolisa Baba akasekho uMagasa emhlabeni awusekho umoya ophumayo
DLAMUKA'",uyabona lomfazi wami uzobhadala kanti umhlakiseleni Lana engabe uya esibhedlela......kozoshuba Uma like kwenzeke into enjao kumfazi wami ngikutshele Angenziwa kanjena mina futhi awumthathi ngani eye ezihlanyeni"


Senzo:"Ngizomhambisa Baba buka nje ulimaze nomfana wami emqaleni nami ngikhathazekike"
Akhona:"Sifuna umama thina ngeke sifuna umama sizani sizani zakhala ingane zakhe zocamela esifubeni sakho 
Senzo naye wakhala kakhulu kodwa wazibamba
Bamhlikiza izandla nezinyawo lutho ukuphaphama uMagasa
Kwangena Dokotela
Wangene ngaphakathi wambekwa embhedeni wacela ukuba yedwa wamxilonga izinto eziningi wabiza umyeni wakhe bangene bonke bonke wabayeka
Doctor'*Lomama uzojika Uma sibambisana nihlala Nani emkhulelweni NGIYATHEMBISA
DLAMUKA'"Sokwenza konke okushoyo sitsheke senzeni 
Doctor'"Baba isandla sakhe usiqinise kakhulu ngothando"


Wasibamba wasiqaba uDlamuka
Wathatha ama Ayina udokotela wambeka wona esifubeni kwabili Wathula wamphinda futhi wagxugxuma wamphinda futhi okwesithathu wagxuma kakhulu waphaphama wakhala kakhulu 
MaGasa'"Ngiyeke ngiyeke Thando' 
Bajabula sakukhala bonke endlini ingane zakhe zaya kuyena embhedeni zacamela kuyena


Doctor'*Yoooh finally cishe wahamba lomama Uma kungenjalo"
DLAMUKA'"Ngabe bengayini Jehova
Nayi imedicine yakhe kuzomele niyomthengela
Senzo:"Akunankinga ngicela ukuyithenga mina asambeni ngikhiphe ezinjena 
DLAMUKA'"Siyabonga okunye ngicela usise ekhaya?
Senzo:"Kanti akunankinga ngingahlala until ngibuye namaphilisi akhe 
Wavumisa ikhanda Dlamuka bahlala eduze kwakhe
KWANDA:"Kukhona enikudingayo nginenzele
Nolwazi:"Musa ukubuza abantu ngicela sehlise solungisa bosisi bavuma ngempela bahamba lapho uKwanda usebuka lentokoza ewu Thobeka"
Benza ukudla Baze baqeda bahambisele uMagasa no Dlamuka babuya ekitchen benza okwabo BAXOXA
KWANDA:"cha nibahle Bo sisii ngike ngizwe ngani esikoleni kusho khona ke ukuba nifunda phezulu thina singenzansi plus asivumelekile ukuze kini"


Akhona:"Vele niyahlupha phansi Kufanele bengavumi nakancane
Bahleka bonke kwangena uSenzo wababuka bonke bajabula bakithi ebona ingane zihappy kanjena wahleka bakithi naye wathambisa amaphilisi Ka Magasa"
After 3 weeks later
Iyaqhubeka please like comments and share

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !