ISOKA LAMI😊 P3

FInTech
0

ISOKA LAMI😊 P3



"Kodwa Bo Sisi ningahamba kanjn nje elangeni elinje nibahle kangaka Kusho lensizwa imoyizela
"Sawubona Nawe Bhuti kubingelela untombenhle
"Hau angisabingelelanga ninjn kodwa kubuza lobhuti
"Cha syaphila Bhuti sicela indlela bandla liyashisa nelanga Kusho untombenhle
"Cha ningagibela nginiphe ulift njengoba usho nje kuyashisa Kobe angaz nami nginjan menginganishiya la Kusho Lo Bhuti
"MFT ngyasaba mina ukugebela lemoto phela esikhathini samanje akusaphephile Kusho untombenhle ehlebezela uzinhle Kanti uyamuzwa lobhuti

"Cha Kanti khululeka ntokazi mina ngiNkosana ngisaka eNkandla ngowasebukhosini Kahle Kahle angeke nginenze lutho ulift nje kuphela Kusho lomfana bangampela bengene emotweni ayishay lobhuti imoto ihambe  Ohhh ngiyaxolisa angisazisho igama mina ngu Sandile Ndlovu inkosana yase nkandla kusaqhuba lomfana
"Ehhh Ohhh Nkosana syajabula ukukwazi mina ngu ntombenhle Kanti Lo uzinhle kush untombenhle
"Cha nam ngyajabula ukunazi mantombazane Ohhh cha ningangibiza usandile ayy ukuth nithi Nkosana Hau Kusho usandile
"Hua phela thina sazi ukuth umuntu wasebukhosini uyahlonushwa Kusho uzinhle
"Ngyakuzwa kodwa Nathi syafana nabo bonke abantu Kusho usandile ehleka kancane
"Ehhh bhuti sicela usishiye la singaze sivele emakhaya phela abazali bethu bengasthethisa Kabi ngase bebona sidilika ezimotweni ezinje Kusho untombenhle
"Ayikho inkinga kodwa ngicela ungiphe inamba yakho bandla Kusho usandile ebhekise Ku Ntombenhle
"Anginayo ifoni Bhuti
"Hau ukhule kanje awunayo ifoni ngicele ungiphe eyakho mnganakhe kuze ngizokwazi ukuxhumana nangu untombenhle ngisanesfiso nje sokukhuluma naye Kusho usandile
"Kulungile nayi emnika bavalelise babonge bahamba asuke no sandile ahambe

"Mngani inkosana ifuna inamba yakho engabe ifuna ukuxoxani Nawe Kusho uzinhle ehleka
"Ayyyy angazi mngani sozwa mefona ukuth ifunani
"Kodwa kuzicacele nje ukuth uyakuthanda ubonile nendlela abekubuka ngayo mnganii iheeee Kusho uzinhle ehleka kakhulu
"Kahle mngani mina ngsafunda
Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !