ISOKA LAMI😊 P2

FInTech
0

 ISOKA LAMI😊 P2



"Ohhh ngamanye amazwi uthi mina angindoda yalutho ngiyimpuqumpuqu nje mfazi ehh kush uzondi ngolaka
"Cha baba angishongo njalo mina bengithi
"Amngene emlomeni buthi kunjn mfazi ehhh ngokuwashela amakula nje usuzibona ungcono kunami nkosikazi kusho uzondi ededela impama evuthayo kumkakhe
"Yobe Yobe baba ayidle izishoyele bengingaqondile ukukucasula kusho umazond ebamba eshlathini
"Ayidle izisheyele nginja mina usho njalo emphinda ngenye impama futhi
"Nguaxolisa baba be


"Ake ngihambe ngaze ngibulale umunt kusho uzondi ephuma  asale ekhala umazondi enza umsebenzi wasendlini njengoba namhlanje angay emsebenzin wakhe emajalidini phela
Sesishayile iskhath sokuphuma eskoleni njengoba u ntombenhle ehamba no Zinhle no Buhle behamba bezixoxela nje Kanti kuzoqhamuka u Maka Buhle ngemoto yakhe umamthembu
"Ngathi imoto ka mawakho leyana Buhle sesothola ulift ngathi uyazi nje ukuth namhlanje ngicobekile kusho untombenhle emiyizela
"Eyyy plus kuyashisa Bo namhlanje kusho uzinhle
"Sanibona mantombazane kubingelela umamthembu ehlisa iwindi
"Yebo mAh eyyy wasebenza waqhamuka sesifile ilanga kusho ubuhle evula imoto engena ngaphambili Hau nama bafwethu ngenani ngemuva sambuni kusaqhuba yena ubuhle
"Iniii we Buhle ungangihlanyisi Wena bengazile ukuzolanda Nina la kuqondanile nje ukuth nginibone kodwa ngoba usungaphakathi Wena sesingahamb angifuni ukungcolisa imoto Yami mina ngalabangani bakho kusho umamthembu esusa imoto ihambe
"Kodwa mAh besikhona Yini isdingo salento oyisho kubangani bami kusho ubuhle ebheke phambili kodwa Avele ambuke umawakhe angamphenduli


"Mmmh Waze wasiphoxa umaka Buhle mngani kusho uzinhle ehamba no ntombenhle
"Ayyyy akunankinga mngani vele kwaleyomoto angiyazi mina kuncono Nawe ngoba ubaba wakho unayo imoto mina ukuhamba ngezinyawo into engiyijwayele nje kusho untombenhle
"Ayy asambe mngani kusho uzinhle bathe besahamba kume imoto phambi kwabo kwehle iwindi kulemoto kuvele insizwa ebukekayo impela ekhanyayo ngebala

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !